Inkosi yesizwe samaZulu, iSilo uMisuZulu KaZwelithini ngeke iwuvuse umkhosi womthetho walo nyaka kodwa izomelwa yiNdlovukazi yaseNdlunkulu uNomzamo KaMyeni.
Ngokwesitatimende esikhishwe yiNdlunkulu kaZulu, leli thimba lihlanganisa idlanzana lamalunga omndeni wasebukhosini.
Isitatimende sithi lokhu kuhambisana nokugubha kwezwe inyanga yabesifazane ka-2024 yingakho lesi senzo sikhombisa umbono weSilo sokwamukela ukukhula kwabantu besifazane emphakathini.
Inkosi yesizwe samaZulu uMisuZulu KaZwelithini bekulindeleke ukuthi idle umhlanganiso kulo mkhosi ozophinde ugubhe iminyaka eyishumi kwabusa iNkosi yaMakhosi Mmbelwa 5.
UMengameli uLazarus Chakwera uzothamela umcimbi ozoba ngaphansi kwesiqubulo esithi “Ukubumbana Ukulwa Nokuguquka Kwesimo Sezulu Ngaphansi Kweshumi Leminyaka Lobukhosi Bakhe uMmbelwa”